
Isithangami Ngesikhathi Sombuso KaShaka
Click here for English version
I-Campbell Collections yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (i-UKZN) isanda kumenywa esiThangamini esidingida ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka eBandla Lodge e-Ballito.
Isimemo besivela kuMnu Nhlanhla Mtaka, owumhleli nomsunguli wephephandaba iBayede. I-Campbell Collections ibimelwe nguMnu Senzo Mkhize, iNhloko yakwa-Collections noNks Luleka Jakeni, ungoti wezindawo zokugcinwa kwamagugu omkhulu.
Lesi siThangami besiyingxenye yomkhankaso omkhulu wokubuyekeza ezinye izinto ngomlando wakwaZulu, ikakhulukazi umlando weSilo uShaka. UShaka ungomunye wamakhosi angesikhathi usomlando uSolwazi John D Omer-Cooper asibiza ngokuthi ngesokushintsha kwemibuso yabeNguni baseNyakatho. Ziningi izincwadi, amaphepha ocwaningo namafilimu okulandisa ngaye.
Enkulumweni yakhe, uSolwazi Simelane, oyisikhulu sokuphathwa komsebenzi eGunundu Holdings, uthe okuningi okubhalwe ngoShaka nangesizwe sakhe okunamaphutha nokuhlanekezelwa okuningi. Kokunye lokhu kungenxa yocwaningo olushaya eceleni kanti kwenye inkathi kwenziwa wumqondo wabacwaningi baseNtshonalanga noma abamhlophe. Umphumela walokhu wumlando ongakuvezi ukuthi abantu base-Afrika babenendlela yabo yokwenza izinto. Okukhulu kakhulu, wukuthi umlando wangesikhathi uShaka aqhamuka nayephila ngaso nowamenza wadlondlobala waze waba ngenye yamakhosi anamandla ayebusa eNingizimu ye-Afrika, awutolikiwe ngendlela efanele.
Nakuba izinjulalwazi zangaphambili, njenge njulalwazi ye-great man, okanye injulalwazi ye-self-made leader, kodwa manje osomlando sebeyavumelana ngokuthi abaholi bavela ngenxa yesikhathi abasuke bephila kuso. Inhloso yalesi sithangami bekuwukuqonda kangcono ukwenza kukaShaka neqhaza elibalulekile labanye abaholi njengoZwide wakwaNxumalo, uDingiswayo wakwaMthethwa, uBhungane wamaHlubi, uZihlandlo waseMbo. Isithangami sidingide nezinye izihloko ezimqoka eziningi ezithinta isimo senhlalo nezombusazwe nomnotho ngesikhathi sikaShaka.
UMkhize ukhulume ngesihloko esithi Information collection, preservation and dissemination in Shaka’s time, kwathi uNks Jakeni wakhombisa abantu imisebenzi yobuciko nezinto ezithinta umlando wangesikhathi sikaShaka okugcinwe e-Campbell Collections. Isilo samaBandla u-Goodwill Zwelithini ubeyisikhulumi esiqavile. Sichazekile ngezinto zomlando wakwaZulu nezincwadi zomlando wesizwe.
Amagama: NguSenzosenkosi Mkhize